Ukusetshenziswa kabi kwezidakamizwa yintsha, ehlanganisa abafundi besikole samabanga aphansi namabanga phezulu, okube yimbangela enkulu yokukhathazeka eNingizimu Afrika.
Ithinta abafundi ikakhulu kusukela eminyakeni engu-12 ubudala futhi ihlukanisa indawo, isimo sezenhlalo nezomnotho, nemingcele yobuhlanga. Ukusetshenziswa kabi kwezidakamizwa kuya ngokuya kuba imbangela eyinhloko yobugebengu nodlame esikoleni, ukukhulelwa kwentsha, ukuziphatha okuyingozi, ukulimala okungalindelekile kanye nesandulela ngqulazi. Futhi kusongela inkululeko, ukulondeka, nelungelo lokuphila lezakhamuzi.
Ngokwe(National Drug Master Plan), ukusetshenziswa kabi kwezidakamizwa ngokuyinhloko kubangelwa ubumpofu, ubugebengu, ukungasebenzi, nokuphila komkhaya okungahambi kahle. Ngakho-ke, uMthetho Wokuvimbela Nokwelapha Ukusebenzisa Izidakamizwa (uMthetho 70 ka-2008) uhlinzekela ukusungulwa kwezinhlelo zokuvimbela nokwelapha ukuluthwa izidakamizwa. Ngakho-ke, uMnyango Wezentuthuko Yezenhlalakahle njengendlela yokulwa nokulutha izidakamizwa, wethula uhlelo lweKe Moja, (I’m fine without drugs ngo-2003) ukuze kuhlangatshezwane nalolu bhubhane lwamanje ngezinyathelo zokuvimbela, ikakhulukazi ezibhekiswe kubafundi bamabanga aphansi naphakathi ezweni lonke. Phakathi kwezici eziningana ezithonya lokho, ucwaningo lubonisa ukuthi kuye kwaqashelwa ukuthi ukucindezela kwezemfundo kuyimbangela eyinhloko yokusebenzisa kabi izidakamizwa kwentsha. Njengoba ukuguqukela ebudaleni obusha kuyisigaba esibucayi, izidakamizwa zinomthelela omkhulu njengoba abafundi befuna ukuzimela ekufuneni kwabo ubunikazi.
Nokho, intsha enamazinga aphansi ivame ukuzama futhi ihlale isebenzisa kabi utshwala nezinye izidakamizwa ezingekho emthethweni. Njengoba ekhula, wathi ubelokhu enesifiso esijulile sokufunda izincwadi zebhizinisi, ukudlala ezemidlalo futhi unethalente lezinombolo.
“Njengoba ngangenza kahle kakhulu esikoleni, ukungaphumeleli kahle kwakuwumthombo omkhulu wokucindezeleka nokukhathazeka kwami, ngakho ngaqala ukufuna izindlela zokuphunyuka ekucindezelekeni nasekugxileni”. Wathi, “Sikanye nontanga bami abane, saqala ukusebenzisa izidakamizwa ngoba zazibiza futhi zitholakala kalula”.
“Ngokushesha ngemva kwalokho, sonke saba imilutha, ababili bashiya isikole futhi bahlukunyezwa izidakamizwa kanti omunye walahlekelwa ukuphila kwakhe ngenxa yokusebenzisa kabi izidakamizwa”, wanezela. “Ngangisebangeni lesishiyagalolunye lapho ngethulwa khona e Ke Moja futhi ngathola usizo. Beza esikoleni sethu futhi basebenzisa uhlelo lwezifundo oluyisibopho kubo bonke abafundi bebanga lesishiyagalolunye abanamakilasi engeziwe ngemva kwesikole, lapho ukuba khona kwami kwakungenxa yokuzithandela”, kuchaza uMaeko. Selokhu kungenelele uKe Moja, manje uMaeko useneminyaka emine ehlanzekile futhi sekungunyaka wesibili efunda enyuvesi i-(University of Johannesburg), ethatha iziqu ze-(BCOM Finance Management) enomsebenzi ongaba khona njengoMeluleki Wezezimali ovelele.
“Amazwi ami okukhuthaza intsha elwa nokuluthwa yizidakamizwa ukuthi usuku ngalunye luwumzabalazo futhi ukucindezeleka kuyingxenye yempilo yethu yansuku zonke, ngakho-ke kubalulekile ukuthola izindlela ezinempilo zokubhekana nokucindezeleka, ukugxila ekuthuthukisweni kwesiqu somuntu kanye nokubamba iqhaza emisebenzini emihle yezenhlalo efana nezemidlalo”, kusho yena.