Archives

Bafuna kunyuswe isibonelelo sabangasebenzi

ZITHI muncane kakhulu uR350 wesibonelelo sabangasebenzi izinhlangano ezilwela umphakathi njengoba ukuholwa kwawo sekwengezwe ngomunye unyaka.

Izolo, uNgqongqoshe wezeziMali, uMnuz Enoch Godongwana umemezele ukuthi ubeke eceleni uR34 billion ozolekelela ukuthi isibonelelo sabangasebenzi siholwe omunye unyaka.

UMnuz Mervyn Abrahams, wenhlangano eyenza ucwaningo ngokubiza kokudla nesimo senhlalo, iPietermaritzburg Economic Justice and Dignity Group, uthe bayajabula kancane ukuthi abangasebenzi bazoqhubeka bahole uR350 yize umncane.

“Njengamanje siyazi ukuthi abantu abaningi bachitha imali bethenga ukudla. Igilosa iyabiza ngakho uhulumeni kufanele asinyuse isibonelelo sabangasebenzi. Siyahambisana nokuthi kuqhubeke ukuholwa kwaso kodwa singajabula uma sinyuswa okungenani sibe ngaphezulu kuka-R700,” kusho u-Abrahams.

Uthe abantu badinga namakhono azobasiza ukuze bakwazi ukuziphilisa.

“Kufanele sizwe ukuthi uhulumeni yini azoyenza ukudala amathuba omsebenzi ngoba sekuholwa oR350 ngenxa yokuthi abantu abasebenzi. Siyawadinga amakhono, amathuba omsebenzi nokuthi kukhule umnotho,” kuchaza u-Abrahams.

UMnuz Trevor Shaku weSouth African Federation of Trade Unions (Saftu), uthe uhulumeni kufanele abe namahloni ngokuthi uholisa abangasebenzi uR350 ekubeni impilo ibiza.

Uphakamise ukuthi uR350 kufanele unyuswe ube wuR1 500 ukuze abangasebenzi bakwazi ukwenza nezinye izidingo.

Ukhale ngokuthi uhulumeni akanazo izinhlelo zokubhekelela kahle abampofu futhi ulokhu ecasha ngesithupha ethi kunesikweletu sezwe esikhulayo.

Ebuzwa ukuthi kanti asikhuli yini isikweletu sezwe, uthe kusafanele sikhule kahle uma sisetshenziswa ezinhlelweni ezizothuthukisa umnotho, zivule amathuba omsebenzi.

Ngaleyo ndlela sizothi sikhula kodwa nohulumeni ebe ekwazi ukusikhokhela ngenxa yokuthi utshale imali emikhakheni ezomfakela imali esikhwameni sakhe.

Boniswa Mohale

credit: https://www.isolezwe.co.za/izindaba/bafuna-kunyuswe-isibonelelo-sabangasebenzi-9b1d336a-dd13-4cea-a4bb-8096b2bfd5e0

Ad Space
RELATED POSTS
IMG_0009
UNGQONGQOSHE-weMfundo-ePhakeme-uDkt-Blade-Nzimande-Isithombe-SIGCINIWE
images
IN CASE YOU'VE MISSED IT
IMG_0009
Read More
UNGQONGQOSHE-weMfundo-ePhakeme-uDkt-Blade-Nzimande-Isithombe-SIGCINIWE
Read More
images
Read More
IHLAWULISWE-u-R1-million-inkampani-enkulukazi-yezokuxhumana-iVodacom-emuva-kokulahlwa-yicala-lokuphula-amalungelo-abathengi-Nadine-Hutton-Bloomberg
Read More
web_photo_senzo_261019_0
Read More