LUSHINTSHILE uhlelo lokufakwa kwezicelo zoxhaso esikhwameni iNational Students’ Financial Aid Scheme (NSFAS) nonyaka.
UNgqongqoshe weMfundo ePhakeme uDkt Blade Nzimande, uthe kulo nyaka ngeke kudingeke izinto eziningi ngoba basebenzisana nophiko oluqoqa intela iSARS, kanjalo neSassa.
“Uma ufaka isicelo kudingeka umazisi wakho nemininingwane yakho kuphela. Akudingeki imiqingo ebidingeka phambilini uma usafaka isicelo. Lokhu sikwenza ukuze siphucule izinto njengoba sisebenza neSARS neSassa. Sicela izitshudeni ukuthi zifake izicelo zingalindi amathonsi abanzi. Akudingeki nemiphumela ka-matric ukuze ufake isicelo,” kunxusa uNgqongqoshe uNzimande.
Uxwayise abazofaka izicelo ukuthi bangathathi amashansi ngoba bazobabamba.
“Ngeke sibabekezelele abazoqola iNSFAS. Sizoyibheka imininingwane yalabo abafaka izicelo njengoba sisebenzisana nalezi zinhlaka.”
UNzimande uhlabe ikhwelo kubazali ukuthi bazi lapho kuhlala khona izingane zabo noma kuthiwa sezifunda emanyuvesi noma emakolishi. Uthe abazali akumele bathi ngoba ingane yabo isifunda esikhungweni semfundo ephakeme, bazitshele ukuthi isindala ayisadingi ukweluswa.
“Kuyangikhathaza ukuthi abazali uma ingane isisenyuvesi, bathi isindala bese bengayilusi. Kubalulekile ukuthi bayazi ukuthi ihlalaphi, nokuthi ihlala endaweni enjani. Abazali abazi uma izingane zabo zifaka izicelo,” kusho uNzimande.
Ukusho lokhu izolo ngesikhathi ekhuluma ngokuvulwa kwewindi lokufaka izicelo esikhwameni esixhasa ngemali yokufunda iNational Students’ Financial Aid Scheme.
Ukufakwa kwezicelo kuvulwe kusuka izolo kanti kuzoze kuvalwe ngoJanuwari 31, 2024. UNzimande ukhale nangabazali abebefundisa izingane zabo ezikoleni ezibizayo, bese befuna zifunde bhusende ngoNSFAS emanyuvesi.
Uthe uma kwenzeka kudingeka ulwazi oluthe thuthu, isitshudeni kuzodingeka silethe eminye imininingwane.
“Yingakho sinxusa ukuthi kulethwe ulwazi oluyiyo uma ufaka isicelo. Abanye bathi bafundiswa ogogo kuthi uma sesithola olunye ulwazi bese kukhalwa.”
UNzimande ukhale ngodlame olubhekiswe kwabesifazane ezikhungweni zemfundo. Uthe ngeke babuyele ohlelweni lwakudala lokuthi banike izikhungo izimali bese kuba yizo ezikhetha labo abazothola uxhaso.
Umbhali: Mhlengi Shangase
Credit- https://www.isolezwe.co.za/izindaba/ligaya-ngomunye-umhlathi-kwabafaka-izicelo-zensfas-7d37533f-f940-4f42-ac5c-16c18ba10a08