Archives

Libuyela namuhla elikaMeyiwa

LUBUYELA namuhla eNkantolo eNkulu ePretoria icala lokubulawa kowayengunozinti we-Orlando Pirates neBafana Bafana, uSenzo Meyiwa.

Izolo, u-Advocate Sipho Ramasepele ongummeli kamsolwa wokuqala nowesibili oMuzikawukhulelwa Sibiya noBongani Ntanzi wethule ngokusemthethwe u-Advocate Thulani Mngomezulu nathe usezoba yingxenye yethimba labameli, amele ummangalelwa wokuqala nowesibili.

Uveze ukuthi uMngomezulu uzobhekana nobufakazi obehlukene kusuka kulobo bangoLwesihlanu kuya phambili.

UMngomezulu ube esethi ucela ukwenza isicelo sokuthi yize ekulungele ukuqhubeka ukusuka namuhla kodwa uyacela ukuthi kuphinde kubuyiswe ufakazi, uCol Mbotho, owethule ubufakazi bakhe ngoLwesihlanu kanjalo noSergeant Monareng.

“Lokhu ngikusho emva kokunikwa umyalelo ngummangalelwa wokuqala,” kusho uMngomezulu.

Ube esecela nokuthi anikwe amahora ambalwa ukuthi axoxe nabo bobabili abamangalelwa.

Ujaji Ratha Mokgoatlheng uthe inkantolo ayiphikisani nesicelo sokuthi icala lihlehliselwe inamuhla.

“Umthethosisekelo wethu uyavuma ukuthi lokho kwenzeke noma yinini uma kushintsha ummeli noma kukhona oxoshwayo. Ngakho-ke inkantolo iyasamukela isicelo sika-Adv Mngomezulu ngoba abamangalelwa nabo banawo amalungelo,” kusho uMokgoatlheng.

Uqhube wathi akaphikisani futhi nokuthi kubuyiswe ofakazi bangoLwesihlanu, wathi lokho uzokushiya ezandleni zikaBaloyi, uMngomezulu noRamasepele ukuthi kuzokwenzeka kanjani.

Ubuye waveza ukuthi inkantolo ithathe isinqumo sokuthi iqhubeke nokuqulwa kwecala yize engekho u-Adv Charles Mnisi omele ummangalelwa wesithathu, uMnuz Mthokozisi Mncube.

UMokgoatlheng uthe konke okuzokwenzeka ngesikhathi engekho uMnisi, kuzoqoshwa, anikwe ukuze akulalele bese exoxisana nekhasimende lakhe.

“Lokhu inkantolo izokwenzela ukuthi kungashiwo ukuthi amalungelo akho ayanyathelwa. Umthetho uyavuma ukuthi kwenzeke kanje ngoba uMnisi ucacisile ukuthi icala aye kulo, lidala kunaleli esikulo thina,” kusho uMokgoatlheng ebhekise kuMncube.

Wanezela ngokuthi uma uMnisi efuna ukuphinde abize ofakazi abazobe bethula ubufakazi ngesikhathi engekho, uzovunyelwa.

Uthe uMncube uvumelekile ukuthi naye azithathele amanothi ngokuzobe kushiwo ukuze uma kukhona afuna ukukuphakamisa kummeli wakhe akwazi ukukwenza lokho.

Zimbili Vilakazi

Shared from: https://www.isolezwe.co.za/izindaba/libuyela-namuhla-elikameyiwa-09058e1f-ee7d-4b3d-bb9e-f8ce9ea123fb

Ad Space
RELATED POSTS
IMG_0009
ZITHI-muncane-kakhulu-uR350-wesibonelelo-sabangasebenzi-izinhlangano-ezilwela-umphakathi-njengoba-ukuholwa-kwawo-sekwengezwe-ngomunye-unyaka
UNGQONGQOSHE-weMfundo-ePhakeme-uDkt-Blade-Nzimande-Isithombe-SIGCINIWE
IN CASE YOU'VE MISSED IT
IMG_0009
Read More
ZITHI-muncane-kakhulu-uR350-wesibonelelo-sabangasebenzi-izinhlangano-ezilwela-umphakathi-njengoba-ukuholwa-kwawo-sekwengezwe-ngomunye-unyaka
Read More
UNGQONGQOSHE-weMfundo-ePhakeme-uDkt-Blade-Nzimande-Isithombe-SIGCINIWE
Read More
images
Read More
IHLAWULISWE-u-R1-million-inkampani-enkulukazi-yezokuxhumana-iVodacom-emuva-kokulahlwa-yicala-lokuphula-amalungelo-abathengi-Nadine-Hutton-Bloomberg
Read More