Archives

IPhini likaMengameli uPaul Mashatile Ubanjwe Ukuqamba Amanga Ngamabomu

IPhini likaMengameli, uMnuz Paul Mashatile, ubanjwe eqamba amanga esitatimendeni lapho ethe wayengekho ngesikhathi amalungu eSAPS VIP Protection Unit eshaya abantu abathathu baseNingizimu Afrika, njengoba sekunemibiko eminingi yokuthi lolu phiko luphelezela uMashatile ekhaya.

Imibiko eminingi yezindaba manje ithi uphiko lwe-VIP lushaye abantu baseNingizimu Afrika ngemuva kokuba besondele kakhulu emotweni yePhini likaMengameli, ngakho-ke baseka inkolelo ye-ActionSA yokuthi izikhulu zathonywa ubuholi bukaMashatile obufana nezamafiya ukuthi baphendule kanzima.

UMashatile usevele ubhekene nezigameko eziningi zokungaziphathi kahle okuhlanganisa ukuphila impilo ewubukhazikhazi ezindlini ezibizayo – eziphethwe ngosomabhizinisi okusolwa ukuthi bahlomula ngezinkontileka zikahulumeni – kanti iPhini likaMengameli liqamba amanga ngokubandakanyeka kwakhe ekushayweni futhi kufakazela ukuthi akanakwethenjwa.

Njengeqembu elikholelwa ekutheni ukuze kulungiswe iNingizimu Afrika kumele sibuyise umthetho, i-ActionSA ngeke ivumele iPhini likaMongameli ukuthi libaleke ngokusebenzisa isihluku uma iNingizimu Afrika inemithetho ecacile evimbela abomthetho ukuthi bashaye izakhamuzi – kungakhathalekile ukuthi izimo zinjani.

Sigcizelela ukuthi iNingizimu Afrika ayilona izwe lezigelekeqe noma izwe lamaphoyisa, ngakho-ke noma yisiphi isikhulu samaphoyisa asivunyelwe ukushaya noma yiliphi ilungu lomphakathi – ngisho noma litholakala linecala lokwenza ubugebengu.

Ngakho-ke i-ActionSA isivele isibhalele inhloko yophiko oluphenya amacala azimele (IPID), uDikeledi Jennifer Ntlatseng, ukuthi iphenye ngezenzo zeSAPS VIP ukuqinisekisa ukuthi izikhulu ezinecala ziyaziphendulela ngesenzo sazo.

Sisamile kwelokuthi amaphoyisa akumele amiswe emsebenzini, kodwa kumele aboshelwe amacala anzima awenza kumakhamera, futhi sicela amaqembu ezepolitiki amelwe ePhalamende ukuthi aphendule iPhini likaMengameli ngalesi sigameko.

I-ActionSA izosebenza ngokuzikhandla ukuqinisekisa ukuthi lolu daba luphathwa ngobucayi obulufanele nokuthi amaphoyisa athweswe icala ngesihluku esibhekiswe kubantu abajwayelekile baseNingizimu Afrika.

Ibhalwe nguHerman Mashaba

Ad Space
RELATED POSTS
IMG_0009
ZITHI-muncane-kakhulu-uR350-wesibonelelo-sabangasebenzi-izinhlangano-ezilwela-umphakathi-njengoba-ukuholwa-kwawo-sekwengezwe-ngomunye-unyaka
UNGQONGQOSHE-weMfundo-ePhakeme-uDkt-Blade-Nzimande-Isithombe-SIGCINIWE
IN CASE YOU'VE MISSED IT
IMG_0009
Read More
ZITHI-muncane-kakhulu-uR350-wesibonelelo-sabangasebenzi-izinhlangano-ezilwela-umphakathi-njengoba-ukuholwa-kwawo-sekwengezwe-ngomunye-unyaka
Read More
UNGQONGQOSHE-weMfundo-ePhakeme-uDkt-Blade-Nzimande-Isithombe-SIGCINIWE
Read More
images
Read More
IHLAWULISWE-u-R1-million-inkampani-enkulukazi-yezokuxhumana-iVodacom-emuva-kokulahlwa-yicala-lokuphula-amalungelo-abathengi-Nadine-Hutton-Bloomberg
Read More